Yini i-corona futhi yini engingayenza ngokuqondene nayo?

I-coronavirus noma i-corona yigciwane elincane (igciwane elincane kakhulu ukuthi lingabonakala ngamehlo enyama) elingasakazeka libangele ukugula ebantwini. I-corona ibangela izimpawu ezifana nezomkhuhlane njengokukhwehlela okomile (okungenazikhwehlela), ukuphelelwa umoya, imfiva, nezinhlungu emzimbeni. I-corona ihlasela ikakhulu umgudu wokuphefumula. Nakuba ukugula okuningi okudalwa amagciwane kungeyona ingozi, i-corona ingabangela isifuba somoya (pneumonia) (okuyisifo esibi samaphaphu) kanti ingabulala ezimweni ezimbi kakhulu.

Noma ubani angayithola i-corona. Abantu abadala kanye nabantu abanezinye izifo, njengezifo zomgudu wokuphefumula, umdlavuza noma isifo sikashukela, basengozini enkudlwana yokuba nezimpawu ezimbi ngokwengeziwe.

I-corona isakazeka isuke kumuntu onayo ngamaconsana aphuma uma ephefumula, ekhwehlela, noma ethimulela kwabanye abantu, ezindaweni okungahlala kuzo izinto, noma ekudleni. Ingena emzimbeni ngomlomo, ngamakhala nangamehlo. Uma isisemzimbeni, iqala ukwanda bese isakazekela kwezinye izingxenye zomzimba. I-corona ingahlala emzimbeni izinsuku ezingafika ku-14 ngaphambi kokuba zibonakale izimpawu zokugula. Ngakho kungenzeka abantu babe ne-corona kodwa bangazi ukuthi banayo, bayidlulisele kwabanye.

I-corona ayifi ngama-antibiotics noma ngemithi yokuzenzela ekhaya. Ingavinjelwa kuphela ngokugwema ukuyithinta nangokugeza izandla njalo.

Ukuze ugweme ukungenwa i-corona, geza izandla ngamanzi nangensipho. Geza izandla ngisho noma zingabonakali zingcolile. Zigeze ngamandla imizuzwana engu-20 emanzini ahambayo anensipho, uqiniseke ukuthi ugeza nangaphansi kwezinzipho kanye naso sonke isandla nesihlakala. Ukugeza izandla ngensipho nangamanzi kubulala amagciwane okungenzeka ukuthi asezandleni zakho. Njalo nje, geza izandla ngaphambi kokuphatha ukudla, ngesikhathi ukuphethe nangemva kokukuphatha, ngemva kokuya endlini encane, ngaphambi kokudla, lapho unakekela ogulayo, ngemva kokuthinta isilwane noma indle yesilwane, nangemva kokukhwehlela, ukuthimula nokufinya.

Gwema ukuthinta amehlo, ikhala nomlomo ungazigezanga izandla kuqala. Izandla zithinta izindawo eziningi futhi zingacosha amagciwane. masezithelelekile, izandla zingabe seziyidlulisela emehlweni, emakhaleni noma emlonyeni. Ukusuka lapho, lelogciwane lingangena emzimbeni likugulise.

Kubaluleke kakhulu ukugwema ukusondela eduze nanoma ubani onemfiva futhi okhwehlelayo noma onanoma iziphi izimpawu zokugula emgudwini wokuphefumula. Ngaso sonke isikhathi uma ukhwehlela noma uthimula, vala umlomo namakhala ngendololwane noma ngethishu. Yibe usuyilahla ngaso leso sikhathi leyothishu oyisebenzisile. Ungathimisi emphakathini.

Qhela okungenani ngemitha elilodwa (1 meter) kunoma ubani okhwehlelayo noma othimulayo. Gwema ukusondela eduze nanoma ubani onemfiva futhi okhwehlelayo.

Uma kudingeka unakekele umuntu onemfiva, okhwehleyo futhi ophefumula kanzima, ungakhohlwa ukufaka isifonyo (mask) esithengwayo noma sendwangu, futhi ikakhulu ungakhohlwa ukugeza izandla njalo.

Ukuze uvimbele i-corona, kuphephile kakhulu ukugwema ukuthintana nabanye. I-corona, kanye namanye amagciwane, ingadluliselwa ngokuxhawula abanye bese kamuva uthinta amehlo, amakhala, nomlomo. Ngakho lapho uhlangana nabanye, musa ukubabingelela ngokuxhawula, ngokwanga (hug) noma ngokuqabula. Esikhundleni salokho bingelela ngokuphakamisa isandla, ngokunqekuzisa ikhanda, noma ngokukhothama. Uma ucabanga ukuthi ikhona i-corona endaweni yangakini, hlala ekhaya ugweme ukuthintana nabanye.

Hlala ekhaya uma uqala ukuzizwa sengathi uyagula, ngisho noma unezimpawu ezingatheni njengekhanda namakhala avuzayo kancane, uze ululame. Uma uthimula, unokukhwehlela okomile, uphefumula kanzima kanye nemfiva, funa usizo lodokotela masinyane ngoba kungenzeka lokho kudalwa ukungenwa igciwane emgudwini wokuphefumula noma esinye isifo esibi.

Izinkolelo ezingamanga kanye namahemuhemu nge-corona kungaba ingozi kakhulu futhi kungababulala nokubabulala abantu. Ngokwesibonelo, ukuphuza izinto ezinjengo-bleach noma utshwala kuzokulimaza kunokuba kuvikele i-corona. Ngisho nalokho okushiwo abangane noma izihlobo eziseduze kungaba iphutha noma kube ingozi. Lalela kuphela iseluleko sezempilo esilungile esivela emnyango wezempilo wangakini.

Ungasiza ekulweni ne-corona ngokusakaza lo myalezo. Sicela uwudlulisele kubangane nasemndenini, usebenzisa indlela yokuxhumana enjenge-WhatsApp.

Lo myalezo uvela kwabe-Audiopedia, umkhankaso womhlaba wonke wokusakaza ulwazi lwezempilo olulalelwayo. Thola okwengeziwe e-www.audiopedia.org